
Articles
-
3 weeks ago |
isolezwe.co.za | Nokubongwa Phenyane
Nokubongwa Phenyane | June 7, 2025UJABULE ngendawo eyilingisayo yentokazi eyibhinca ekhuluma ulimi lwesiZulu olungaxutshwe nalutho, neqgqoka izimpahla zawo, uSimphiwe Ndlela (29) wasoLundi. USimphiwe ulingisa indawo kaNokwanda emdlalweni Ithonga, kuMzansi Magic (161), ngo-8.30 ebusuku phakathi nezinsuku. Ukukhulela kwakhe emakhaya uthe kwenze izinto zaba lula ngesikhathi enza inhlolokhono yalo mdlalo. Ngisho abaqondisi ababenza inhlolokhono, uthe bayincoma indlela enza ngayo ngosuku lokuqala.
-
3 weeks ago |
isolezwe.co.za | Nokubongwa Phenyane
Nokubongwa Phenyane | June 5, 2025UMYENI kaZanele Mbokazi uMbhishobhi Mpendulo Nkambulo, useveze ukuthi akaphili kahle ekhanda uBrother Enigma, ngemuva kokuthi ekhasini lakhe kwiTik Tok, ekhiphe i-video etshela abalandeli bakhe ukuthi uZanele uyasha esihogweni. U-ENigma uqale ukuzakhela igama ngokubonakala enza ama-video ebiza amagama abantu abaphezulu namabandla ahlukene egxeka izinto azenzayo ethi uJesu akahambisani nazo.
-
3 weeks ago |
isolezwe.co.za | Nokubongwa Phenyane
Nokubongwa Phenyane | June 4, 2025LIBONGA uxhaso eliluthole kuThulani Shabalala ongenye yamadodana enkakha emculweni wesicathamiya, uSolwazi Joseph Shabalala, amalungu eqembu Abacikozi, maduze nje azobe elibhekise eThailand, embukisweni wokugqamisa amasiko amazwe ahlukene. Lokhu kuvezwe ngomunye wabasunguli baleli qembu, uLucky Malinga odabuka eNtuzuma, othe leli qembu uliqale ngo-2022, nomunye wozwakwabo uBongumusa Hlophe.
-
3 weeks ago |
isolezwe.co.za | Nokubongwa Phenyane
Nokubongwa Phenyane | June 3, 2025SIYAWAPHIKA amacala okubulala okuthiwa sibhekene nawo isangoma esizakhele udumo ngokuba nohlelo lwethelevishini uMakgotso Mofokeng odume ngelikaGogo Maweni. Lokhu ukuveze kwisizini entsha yohlelo lwakhe oluthi Thokoza Gogo oluqale kwiMoja Love (157), ngoMgqibelo. UMaweni uveze ukuthi icala alaziyo elokushaya ngenjongo yokulimaza alivulelwa owesifazane alwa naye eminyakeni edlule. Kulona kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo kule nyanga.
-
3 weeks ago |
isolezwe.co.za | Nokubongwa Phenyane
Nokubongwa Phenyane | June 3, 2025NGESIKHATHI uLegend Manqele eqala eyokuqopha izinhlelo ezikhombisa impilo yosaziwayo bakuleli eyaziwa kakhulu ngeReality Show, kwacacela noma ubani ukuthi inhloso yakhe ukuvezela abalandeli babo ukuthi labo saziwayo bavuka benzeni ekuseni futhi nasemindenini yabo bangabantu abanjani.
Try JournoFinder For Free
Search and contact over 1M+ journalist profiles, browse 100M+ articles, and unlock powerful PR tools.
Start Your 7-Day Free Trial →X (formerly Twitter)
- Followers
- 1K
- Tweets
- 953
- DMs Open
- No

USABC1 namhlanje eSalt Rock, eStanger wethula umdlalo omusha owuchungechunge othi Amalanga Awafani, oqoshwa inkampani iStained Glass TV, nozoqala ngo-Ephreli 28 ngo6.30 ntambama. Lokhu kusho ukuphela komdlalo iSkeem Saam okukhonjiswa isizini yokugcina kulenyanga. @IsolezweNews https://t.co/OVSXhe0QSL

Au dlala Thukzin... Happy New Year Mzansi people #LastDance2024

Umphathi wezinhlelo ezihlukene zaKwaMultichoice uNomsa Philiso namhlanje ohlangene na ezindaba ukuzoxoxa ngezinhlelo ezihlukene abazoba nazo kulo nyaka @isolezwe https://t.co/ZqVlFKjO34