Sabelo Nsele's profile photo

Sabelo Nsele

South Africa

Journalist at Isolezwe

Award winning journalist. Tweeting on personal capacity

Articles

  • 2 days ago | isolezwe.co.za | Sabelo Nsele

    Sabelo Nsele  | June 26, 2025BASALE ngaphandle abaholi be-ANC ezifundeni ezinkulu zaKwaZulu-Natal, iTheku neMoses Mabhida, ngesikhathi kuqokwa abazohola amathimba esikhashana azophatha i-ANC kulezi zifunda.

  • 2 days ago | isolezwe.co.za | Sabelo Nsele

    Sabelo Nsele  | June 26, 2025UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthe bafuna ibe ngaphansi kakhulu kuka-R700 million, imali ezosetshenziselwa ukuhlela nokusingatha ingxoxo ngesimo sezwe. URamaphosa uthe u-R700 million mkhulu kakhulu, wathi bafuna le mali yehliswe. Ukusho lokhu ngesikhathi ephendula imibuzo ePhalamende, izolo. URamaphosa uthe akukavunyelwana ngalo R700 million, wathi kuseyisiphakamiso nje sethimba elihola ingxoxo ngesimo sezwe.

  • 2 days ago | isolezwe.co.za | Sabelo Nsele

    Sabelo Nsele  | June 26, 2025IMK ayikanqumi ukuthi izomxosha noma cha eqenjini obengunobhala jikelele uMnuz Floyd Shivambu, oxhumana nezinhlaka ezehlukene mayelana nokuthi avule iqembu lezepolitiki elisha. Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, ukuqinisekisile ukuthi uShivambu useyilona ilungu leMK yize esezinhlelweni zokuvula iqembu elisha. UShivambu wamemezela izinhlelo zokuvula iqembu elisha ngeledlule kulandela ukususwa kwakhe esikhundleni sokuba unobhala jikelele weMK.

  • 2 days ago | isolezwe.co.za | Sabelo Nsele

    Sabelo Nsele  | June 26, 2025BAWOTHA ubomvu abaholi be-IFP ngokubuyiswa kwencwadi egxibha umsunguli weqembu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi. I-IFP ikufanise nokudlalela ezitsheni ezifayo ukugaywa kabusha kwencwadi egxibha uButhelezi. Le ncwadi eyabhalwa yisishoshovu se-ANC, uMnuz Mzala Nxumalo, iqale ukudayisa kuleli ngoMsombuluko. Incwadi esihloko sithi, Gatsha Buthelezi: Chief with a double agenda, yabhalwa ngo-1988.

  • 2 days ago | isolezwe.co.za | Sabelo Nsele

    Sabelo Nsele  | June 26, 2025BAKHALA ngokuphenduka inhlekisa emphakathini odokotela baKwaZulu-Natal, ababhuquza emakhaya neziqu zeminyaka eyisishiyagalolunye. Labo dokotela bathe ukungawutholi kwabo imisebenzi emva kokufunda isikhathi eside kangaka, kuzokwenza ukuthi intsha ingakuboni ukubaluleka kokufunda. Bakusho lokhu ngesikhathi beqhinqe eHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, eMgungundlovu, izolo.

Contact details

Socials & Sites

Try JournoFinder For Free

Search and contact over 1M+ journalist profiles, browse 100M+ articles, and unlock powerful PR tools.

Start Your 7-Day Free Trial →

X (formerly Twitter)

Followers
155
Tweets
275
DMs Open
No
sabelo nsele
sabelo nsele @nseless
27 Feb 25

Undlunkulu uNomzamo Myeni usefikile emcimbini wokuvulwa kwesiShayamthetho saKwaZulu-Natal. Undlunkulu kwakufanele agcagcele iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini ngenyanga eyedlule kodwa wabuye wahlehliswa umgcagco. @isolezw https://t.co/VgIR2tJZhW

sabelo nsele
sabelo nsele @nseless
29 May 24

Umholi weMK, uJacob Zuma, uvote eNtolwane. @IsolezweNews #MK https://t.co/DjY94vI52k

sabelo nsele
sabelo nsele @nseless
29 May 24

Kuyaqhubeka ukuvota esikhungweni iNtolwane, lapho kuzovota khona umholi weMK, uJacob Zuma. @IsolezweNews https://t.co/7BwhPyJN98